{"product_id":"iphupho-lomdansi-we-bhaleyi","title":"Iphupho Lomdansi we-Bhaleyi nguMichaela noElaine DePrince (isiZulu)","description":"\u003cmeta charset=\"utf-8\"\u003e\n\u003cp\u003e\u003cspan\u003e'Ngelinye ilanga elinomoya, iphepha likamagazini lapheshulwa ngumoya lehlisa umgwaqo phambi kwesango. Ngelula isandla ngalithatha. Isithombe esihle sowesifazane sasisoqwembeni lomagazini. Wayegqoke ilokwana elifishanyana elibukhwebezane elalivulekile lenza isiyingi esimzungezile. Wayebukeka ejabule kakhulu.'\u003c\/span\u003e\u003cbr\u003e\u003cbr\u003e\u003cspan\u003eEneminyaka amithathu, uMichaela DePrince wathola isithombe somdansi we-bhaleyi esasizoguqula ukuphila kwakhe unomphelo. Ngaleyonkathi wayehlala endaweni ezintandaneni e-Sierra Leone, kodwa maduzane watholwa umndeni othile wayiswa eMelika.\u003c\/span\u003e\u003cbr\u003e\u003cbr\u003e\u003cspan\u003eNakuba ekuqaleni wayengazi ukuthi i-bhaleyi iyini akasikhohlwanga isithombe somdansi we-bhaleyi ake wasibona. Wayefisa ukujabula njengalomdansi. Lapho umama owamtholayo ebona ukuzimisela kwakhe nge-bhaleyi, waqalisa ukumyisa ezifundweni ze-bhaleyi. Selokhu adansa kusuka lapho kuze kube manje.\u003c\/span\u003e\u003cbr\u003e\u003cbr\u003e\u003cspan\u003eUMichaela waqokwa njengomdansi osemqoka omncane kunabo bonke ku-Dance Theatre yase-Harlem. Manje udansa ne-Dutch National Ballet, inkampani ephezulu ye-bhaleyi yasemandulo.\u003c\/span\u003e\u003cbr\u003e\u003cbr\u003e\u003cspan\u003eUMichaela waba ngumlingisi oyinhloko ku-First Position, idokhumentari eyawina umklomelo. Usebonakale kaningi kuthelevishini kuhlanganise i-Dancing with the Stars ne-BBC News.\u003c\/span\u003e\u003cbr\u003e\u003cbr\u003e\u003cspan\u003eNgo-2015, uhlelo lwethelevishini yase-Hollandi lwenza ukuthi uMichaela abonane okokuqala no-Magali Messac, umdansi we-bhaleyi owayesesithombeni.\u003c\/span\u003e\u003cbr\u003e\u003cbr\u003e\u003cbr\u003eAuthors Michaela and Elaine DePrince\u003cbr\u003eISBN 9780571329731\u003cbr\u003eFromat Paperback\u003cbr\u003ePages 57p.\u003c\/p\u003e","brand":"Jonathan Ball","offers":[{"title":"Default Title","offer_id":39308270960725,"sku":"9781868428267","price":120.0,"currency_code":"INR","in_stock":true}],"thumbnail_url":"\/\/cdn.shopify.com\/s\/files\/1\/0105\/0053\/8453\/products\/Iphupho_lomdansi_c36ca175-77f2-4849-a17a-e67429708180.jpg?v=1617199924","url":"https:\/\/vikas-test.myshopify.com\/products\/iphupho-lomdansi-we-bhaleyi","provider":"Vikas Test","version":"1.0","type":"link"}